Siyazigqaja ngokudla esikuphekayo ngokulandela imigomo yezokudla okunikezwa iziguli ezilaliswe esibhedlela.
30 ntambama zinsuku zonke kulabo abadinga ukuzithengela okunye.
Uma uDokotela esekuqinisekisile ukukhululwa kwakho uye ekhaya, zilungiselele.
Isikhathi sokukhululwa uye ekhaya u-10:30 ekuseni, lokhu kunikeza wena ithuba lokuba uthole imithi kumbe amaphilisi nokuba uzifunele into yokuphindela ekhaya kusanesikhathi.
Sizama ngazo zonke izindlela ukunikeza isiguli ngas-inye uthando nokunakekelwa esikudingayo, sihloni-phe, siqinisekise ukuthi amalungelo eziguli siy-awavikela ngokulandela imigudu ekusomqulu wa-malungelo eziguli. Abasebenzi bethu abaqeqeshiwe bazimisele futhi bayazibophezela ukunikeza ukunakekela okuphephile kuzozonke iziguli.
Uma unemibono, izikhalazo noma izincomo sinama suggestion boxes kusosonke isibhedlela, ikomidi elibhekele lokhu lizocubungula bese liphendula lapho kufanele.
IZIKHATHI ZOKUVAKASHA Ngesizathu sokubhekelela ukuba iziguli zithole usizo oluse-qophelweni eliphezulu, sicela ukuba kugcinwe izikhathi zo-kuvakasha. Uma nivakashele isiguli qinisekisani ukuthi an-eqi isibalo ukuze abasebenzi bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo.
Uma uhola u-R1 000 kuya ku R36 000 ngonyaka noma imali yamalunga om-ndeni isihlanganisiwe ikhipha u-R1 000 kuya ku R50 000 imali okulindeleke ukuba uyikhokhe esibhedlela u-R30. Lemali uyikhokha uma ulale izinsuku ezingaphansi kwezingu 30, uma zeqa izinsuku kwezingu 30 ukhokha u-R30 ngaphezulu njalonjalo.
Abesifazane abazithwele kusukela ethola ukuba uzithwele kuze kube izin-suku ezingu 42 emva kokubeletha.
